Izinyunyana zothisha, okuyi South African Democratic Teachers Union ne Naional Teachers Organisation of South Africa, zikhuluma ngazwi linye kulezinsuku njengoba ziphakamisa ukuthi kuqiniswe ezokuphepha ezikoleni zakuleli, ikakhulu kwaZulu Natal.
Loku kuza ngemumva kokwanda kwezigameko zokuhlaselwa kothisha nabafundi ezikoleni, kwezinye kuphume nemiphefumulo imbala. Ezigamekweni ezenzeke ezikoleni ezahlukene,nezishiye kukhalwa kulelisonto, kudutshulwe kwabulawa uthisha wesifazane esikoleni samabanga aphansi, kwesinye kugwazwe umfundi washonela emagcekeni esikole, kanti kwesinye kuhlasele izigebengu ebezihlomile, zaqola othisha imali nempahla yabo.
U Nobhala we SADTU e KZN, u Nomarashiya Caluza, uthi kuzomele uMnyango weZemfundo ukubeke phambili ukuphepha kothisha nabafundi ngoba ngeke itholakale imfundo esezingeni uma kungaphephile. Uthi ngokwabo ukubona kuzomele kubanjwe imihlangano yomphakathi,ukuze imiphakathi kuzoba iyona eqinisekisa ukuphepha ezikoleni.
U Thirona Moodley we Naptosa uthi othisha sebephenduke izinto nje zokudlala izigebengu. Uthi akwanele ukuthi isikole ngasinye sibe nonogada oyedwa ngakho kumele kubandakanywe imiphakathi ukuthi isize ukuvikela izikole.
Oyisikhulu esiphezulu eMnyangweni weZemfundo e KZN, u Nkosinathi Ngcobo, kulelisonto uhambele ezinye izikole ezithintekile yiobugebengu, wazwakalisa ukuthi zikhona izinhlelo abanazo njengoMnyango ukulwisana nalesihlava.