U Mnyango wezemfundo eyisisekelo usumemezele ukuthi uzoyivikela ngazozonke izindlela imininingwane yabafundi ebebenza uMatikuletsheni kulonyaka.
Kuyinto esiphenduke usiko kuleli ukuthi imiphumela ka Matikuletsheni ishicilelwe ezinkundleni ezahlukene, okubalwa kuzona namaphephandaba. Phambilini bekushicilelwa amagama aphelele abafundi nobekwenza ukuthi kubelula ukuthi kubone noma ubani ukuthi umfundi wenze kanjani. Kushintshile loku eminyakeni embalwa edlule njengoba sekuvezwa inombolo umfundi ayisebenzisile ukubhala izivivinyo zakhe. Muva nje i Information Regulator isiyalele uMnyango weZemfundo ukuthi ungayishicileli nhlobo ezinkundleni zomphakathi imiphumela yabafundi.
Okhulumela uMnyango weZemfundo kuZwelonke, uElijah Mhlanga, uthi kunemigudu asebeyilandelile ukuphikisana naloku okufunwa yi Information Regulator, nokusho ukuthi bazoqhubeka nokuhlinzeka amaphephandaba ngemiphumela, bazogodla kuphela amagama abafundi.