Abantu ebebethamele ukufungiswa kuka Thami Ntuli kwesokuba uNdunankulu waKwaZulu Natal,bamemukele ngenhlokomo enkulu nokuyizimpawu zokuthi banethemba ebuholini bakhe. Lomcimbi obanjelwe e Mgungundlovu, uthanyelwe abezepolitiki abavela emaqenjini ahlukene, osomabhizinisi kanye nosaziwayo.
U Ntuli oyisikhulu esiphezulu kwa Inkatha Freedom Party, umenyezelwe ngesonto elidlule njengozongena kulesikhundla ebesiphethwe u Nomusa Dube-Ncube we ANC. Nakuba amukelwe ngenhlokomo namhlanje, ukuqokwa kwakhe kukhona okungabaphathanga kahle kanti abanye bebefunga begomela bethi ngeke aze agcotshwe namhlanje. Imizamo yabo ayiphumelelanga njengoba egcine egcotshiwe ngale kwezihibe.
Ethula inkulumo yakhe yokuqala engu Ndunankulu, uNtuli uthembise abantu baKwaZulu Natal ukuthi bazozifeza zonke izethembiso abazenza ngesikhathi besakhankasela ukhetho. Uthi bazosebenzisana nazozonke izinhlaka ezikhona ukuqinisekisa ukuthi bathuthukisa futhi baphinde bavulela abantu baKwaZulu Natal amathuba. Ube esethula oNgqongqoshe beminyango eyahlukene.
Kwenzeka konke loku nje,i MK Party ithi udaba luka Ntuli isiluyise eNkantolo ngoba ikholelwa ekutheni akumele kubekhona oqokelwa kulesikhundla njengoba kusenezikhalo ngendlela ukhetho oluqhubeke ngayo.