UMnyango weZokuthutha KwaZulu Natal uthi sekuboshwe abantu abangamashumi amathathu, abasoleka emkhonyovwini wokukhipha ngomgubyathi izincwadi zokushayela. Laba abahlanganisa izikhulu zesikhungo okuhlolelwa kusona ukushayela nabanikazi bezikole zokufundela ukushayela, kuthiwa bashaqwe ku Masipala wase Mthonjaneni.
Okhulumela uMnyango weZokuthutha, uNdabezinhle Sibiya, uthi uphenyo loKlebe luveze ukuthi laba bebekhokhisa abantu u R 2500 ukuze babaphasise. Uthi bazophucwa izincwadi bonke abaphasiswe ilaba abathintekayo kanti loku akuzukugcina kulesikhungo ngoba bazoboshwa bonke okuzotholakala ukuthi bazithola ngendlela engafanele izincwadi zokushayela. Loku uthi bakwenzela ukunciphisa izingozi zomgwaqo ezigcina zidlule nemiphefumulo yabangenacala.
Bonke laba ababoshiwe, kulindeleke ukuthi bavele ngaphambi kwe Nkantolo ka Mantshi yase Richardsbay, kusasa ngoLwesithathu.