UNgqongqoshe we Zempilo kuzwelonke, uMnu. Aaron Motsoaledi, uhambele kwaZulu Natal ngenhloso yokuhlangana nezikhulu ezahlukene zalomnyango,ukudingida udaba lomshuwalense wezempilo. Kulomhlangano obanjelwe eNyuvesi yakwa Zulu Natal, uphelezelwa ophethe ezempilo kulesifundazwe,u Nomagugu Simelane.
Okhulumela uMnyango,u Foster Mohale, uthi lomshuwalense wezempilo osekuyiminyaka ubikezelwa, kuhloswe ngawo ukuvala igebe elikhona kubantu bakuleli uma kuza ekuhlinzekweni ngosizo lwezempilo olusezingeni elamukelekile. Uthi inhlosongqangi yalomshuwalense, ukuhlanganisa ezempilo njengoba kunegebe elikhulu kuzona nokwenza abantu basizakale ngokwamazinga abakuwona empilweni.
Umhlangano wanamhlanje kulindeleke ukuthi ubhekane ngqo nongabazane olukhona kwabaningi ngaloluhlelo njengoba kuyinto eyaziwayo ukuthi kukhona abangaluzwisisi kahle. Abanye baze balibeke ngembaba elokuthi angake luze lube impumelelo kuleli.