UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natal, uNhlanhla Mkhwanazi uthi ufuna incazelo egcwele ngamaphoyisa abonakala eshaya umuntu okungaqondakali ukuthi wenzeni ngoba akabonakali ewumuntu olwayo.
Lesigameko esibonakala kwi video esabalele ezinkundleni zokuxhumana,kubonakala lisakaza owesilisa ngempama. Akupheli nemizuzwana bese kuqhamuka amanye amaphoyisa,afike azidelisa nawo kulomlisa,amgxoba noma eselele phansi. Kusolakala ukuthi lesigameko senzeke oThongathi ngo Lwesihlanu ebusuku.
U Mkhwanazi uthi ufuna umbiko ogcwele ngokuyikona okuholele ekutheni lamaphoyisa ashaye lomlisa futhi kuzomele athathelwe izinyathelo njengoba enze okuphambene nemigomo yokuziphatha kwamaphoyisa kanye nomthethosisekelo wakuleli.