I Nyunyana yabasebenzi beZempilo, i National Health Workers Union, ithi kuzomele kutholwe isisombululo ngokushesha mayelana nenkinga yezidumbu eziduve amakhazeni akuleli.
UMnyango weZempilo usanda kuveza ukuthi zibalelwa ezinkulungwaneni ezintathu izidumbu ezingaziwa,eziduve emakhazeni akuleli. I Kwa Zulu Natal iyona ehamba phambili ngesibalo salezidumbu ezingenabanikazi njengoba ineziyinkulungwane namakhulu amahlanu. Kusolwa ukuthi ukungabi nomazisi kwabantu, kunomthelela omkhulu kulenkinga ngoba kwenza kubenzima ukubahlonza.
Okhulumela i NEHAWU, u Ayanda Zulu, uthi lesi isimo esingesihle futhi esikhathazayo. Uthi sebeke bazama phambilini ukuphakamisa loludaba e Mnyangweni weZempilo ngoba lesimo sibeka impilo yabantu engcupheni yokuhaqwa izifo njengoba iziqandisi zibuye zingasebenzi kwamanye amakhaza.