Izazi zezempilo zithi inkinga yokufa kwabantu ngoba bedle ukudla okunoshevu, inganqotshwa kuphela uma kungatholwa umsuka wayo.Kusukela ngenyaka ka Mandulo, babalelwa emakhulwini ayisishiyagalombili abantu asebeguliswe ukudla okunoshevu kuleli.
Ababalelwa emashumini amabili bashonile futhi bayizingane ezisencane, ezisuke zithenge ukudla kwabadayisa ezikoleni nasezitolo ezakhelene nezikole. Osekuqubule ukukhathazeka kwabaningi ukuthi lesimo sibonakala siya ngokudlanga ezifundazweni ezahlukene, nosekuqubule izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi kukhona abakwenza ngenhloso ethile loku.
Ongungoti kwi Institute of Waste Management of South Africa, u Reon Pienaar, uthi inkinga enkulu ukungalahlwa ngendlela kwemfucuza nokugcina kumema izilwane ezifana namagundane, okungamele zisondelane nokudliwayo. Uthi imiphakathi ingabamba iqhaza elikhulu ekulwisaneni nalenkinga, ngokuthi iqikelele ukuthi iyilahla kuphi futhi kanjani imfucuza.