Bekuheleza umoya wothando nobumbano ezinkundleni zezemidlalo zaselokishini la kwa-Ndengezi ngesikhathi kufihlwa u Siyabonga " Skhanda" Ngubane. U Skhanda wangenelwa abantu abangaziwa endlini yakhe ekulona lelilokishi, ngo Lwesihlanu lwangomhlaka 9 kwephezulu, bamdubula, bamshiya ethule. Akekho oseboshiwe ngalesigameko kanti nembangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa.
Izikhulumi ebezishiyelana inkundla zibabaze uthando abenalo emndenini wakhe, nakuwona wonke umuntu emphakathini. Zithi ubehlala emamatheka futhi ekukhonzile ukusiza lapho kudingeka khona. Loku kuthiwa ubekwenza ngisho noma engenalo ulwazi lokuthi uzosiza kanjani kodwa aphikelele kuze kulunge. Ezinye izikhulumi, zikhulume ngothando abenalo lomculo njengoba eke waba u DJ osebenze nosaziwayo abahlukene.
Kuvuke umunyu kwabanye ngesikhathi izinsizwa abebambisene nazo enhlanganweni ebizwa nge Marianhill Brotherhood, zimphelezela ngengoma. Lezinsizwa ziphakamise ukuthi kubenomoya wothando nokubumbana ukuze kugwemeke izigameko ezifana nalesi sokubulawa kuka Skhanda. Zithi akukho okudlula ukuthi uma kunyathelwene, kuhlalwe phansi kukhulunywe.