Iziphathimandla zikahulumeni wakwaZulu Natal zithi ziphezu komsebenzi wokuhlola umonakalo odalwe isichotho ebesivimbanise ngempelasonto. Izinkulungwane zabantu abahamba ngezimoto, bavaleleke emgwaqweni isikhathi esilinganiselwa ngaphezu kwamahora ayishumi.
Abatakuli,abezimo eziphuthumayo, izinhlangano ezingenzinzuzo kanye namalunga omphakathi akhele izindawo ezithintekile, basebenze ngokubambisana ukuhlinzeka ngosizo kwabebevalelekile. Kukhona abahaqwe umkhuhlane, izilwane okubalwa kuzona nemfuyo ziifile. Kunemibiko engaqinisekisiwe ethi kukhona umuntu oyedwa oshonile kulesimo.
UNdunankulu osabambile u Thembeni Madlopha-Mthethwa, uthi izinhlaka ezahlukene zikahulumeni, okukhona kuzona nosonhlalakahle, zimatasatasa nokuqoqa imininingwane yabathintekile ukuze zizobahlinzeka ngosizo abaludingayo. Umgwaqo usuvuliwe kanti kunethemba lokuthi isimo sesizobuyelwa kwesijwayelekile.