Abantu bakuleli bahlukene phakathi ngodaba lukasomabhizinisi wakuleli ongusaziwayo, uShaun Mkhize. osekuphele iminyaka elandelwa abakwa South African Reservoir of Revenue ngodaba oluthinta intela.
Esigamekweni sakamumva,esenzeke osukwini lwayizolo, loluphiko ngokubambisana namaphoyisa,bagasele emizini ka Mkhize emibili, ose La Lucia, eThekwini nose Mgungundlovu. Akukho okuqinisekisiwe ngokuthi yini ebifunwa kodwa kunamahlebezi okuthi bekubhekwa okungathathwa njengoba kunezinsolo zokuthi ukweleta u SARS imali elinganiselwa ezigidini ezingamashumi amathathu zamarandi. Kulesigameko kuboshwe kwaphinde kwadedelwa u Tamia Mpisane ongumakoti wendodana ka Mkhize.
Ezinkundleni zokuxhumana kukhona abakhombisa ukuzwelana no Mkhize, ababuza ukuthi kungani u SARS ubonakala sengathi ulandela yena yedwa. Bathi loku kuyizinkomba zokuthi banomona ngempumelelo yakhe. Bakhona nabangakhombisi noluncane uzwelo, abathi umthetho awenze okufanele ngoba inokusolisa indlela awuthole ngayo umcebo wakhe.