Umphakathi waselokishini la KwaNdengezi, uthi usuhlalele ovalweni ngenxa yezigameko zokudutshulwa, kubulawe abantu kulendawo. Uthi ususaba ngisho ukuhamba ukhululeke emgwaqweni ngoba awazi ukuthi uzohlangabezana nani.
Ngezikhathi zasekuseni namhlanje, kubulawe owesilisa ngasesikoleni samabanga aphansi, i Botate Primary. Lesigameko senzeka nje, elayizolo lishone kubatshazwa ukubulawa komunye wesilisa okuthiwa ubeshayela amatekisi, naye odutshulwe ngakusona lesikole. Zikhona nezinye izigameko zokubulawa ngesihluku kwabantu ezibikwayo kulendawo njengoba kuthiwa ngezimpelasonto sekuhlala kungcwatshwa ababulewe.
Amalunga ophakathi akhathazekile, anikele ekhasini lalelilokishi, laku Facebook, azwakalisa ukungaphatheki kwalo kahle ngalesimo esiqhubekayo. Phakathi kwezinto akhala ngazo, ukuthi lelilokishi seliphenduke inkundla yokudlalela izigebengu kodwa akukho okwenziwayo ukunqanda loku. Abanye bathi kuyacaca ukuthi sekuzohlala abesifazane kuphela kulelilokishi ngoba abesilisa bayabulawa,usuku nosuku. Kukhona abaphakamise ukuthi kutholwe umnyombo walenkinga bese kuhlalwa phansi kuyaxoxiswana.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, likuqinisekisile ukuthi kukhona abesilisa ababulewe kodwa abekho asebeboshiwe.