Umphakathi waKwaNdengezi uthi usulala obenyoni ngenxa yobugebengu othi budla lubi kulendawo. Kuthiwa ngendlela ezichanasa ngayo izigebengu kulendawo, sezibangenela ezindlini abantu, zithathe loku ezikufunayo ngendluzula.
Esigamekweni sakamumva esishiye umphakathi umangele,owesilisa ongaziwa kuthiwa ungene emtholampilo wendawo wafike wakhomba abasebenzi ngesibhamu,wabaphuca izinto zabo. Lomlisa kuthiwa ugile lomkhuba emini ilanga libalele futhi kukhona neziguli. Kumanje abasebenzi ebebekhona ngesikhathi kwenzeka lesigameko,okubalwa kubona nonogada, abakabuyeli emsebenzini ngengoba besathola ukwelulekwa ngokwengqondo.
"Okumangazayo ngalesigameko ukuthi umtholampilo wethu wakhelene nesiteshi samaphoyisa. Kusho ukuthi lezigebengu azisenanembeza ngempela ke uma sezikwazi ukugila umkhuba onjena,endaweni efana nalena. Akuhlukile phela nokuthi zibambe amaphoyisa inkunzi."- kusho ilunga lomphakathi elingathandanga ukudalulwa ngokwesabela impilo yalo.
Kwesinye isigameko, owesifazane wakulendawo ukhala uyazithulisa ngemumva kokuthi izigebengu zigasele kwakhe, zashaqa impahla. Phakathi kwezinto ezizithathie kukhona nesiqandisi esikhulu, nokuwubufakazi bokuthi lezigebengu zingabantu abangahambi ngezinyawo.
Elinye ilunga lomphakathi elisezinhlakeni zokuthuthukiswa komphakathi likhale ngokuthi isiteshi samaphoyisa siyavalwa ntambama sivulwe ekuseni. Lithi sebeke bazama ukuyikhuluma lento neziphathimandla zesiteshi samaphoyisa, zazikhalela nazo ngokuthi aziphephile ngoba kuke kwaba namahlebezi okuthi kukhona abahlela ukuhlasela esiteshini.
Imizamo yokuthola amaphoyisa igcine ingaphumelelanga.