Izazi zezomnotho sezinxuse abantu bakuleli ukuthi bonge, bangathatheki bese besebenzisa imali budlabha nge Black Friday.
Izitolo eziningi seziqalile zikhangisa ngemititilizo ezizoba nayo ngalolusuku olugujwa umhlaba wonke, noludume ngokuthi izinto eziningi zisuke zicoshwa phansi ngalo. Abantu abaningi bavamise ukuthi bakhithize ngokweqile ngalolusuku bese bezithola sebesebenzisa nemali okungafanele bayisebenzise. Abanye baze bazifakele ingcindezi engenasidingo ngoba nabo befuna imititilizo yangalolusuku.
Izazi zezomnotho zithi abantu kumele bakhumbule ukuthi lolusuku lugujwa minyaka yonke ngakho akubalulekile ukuthi babe yingxenye yalo minyaka yonke. Bakhuthaza nokuthi abantu bathenge izinto abazidingayo nabazihlelele kuphela.