Inhlangano ebhekele isimo sezulu kuleli, i South African Weather Services, isinxuse abasebenzisa imigwaqo yesifundazwe ukuthi bacophelele kakhulu njengoba imvula enamandla kulindeleke ukuthi ine usuku lonke lwanamhlanje.
Okhulumela lenhlangano, u Ayanda Ntsele, uthi ngale kwemvula, kulindeleke nomoya onamandla, ozobe uhamba ngesivinini esikhulu kanti ezindaweni ezisogwini, kulindeleke ukuthi kube namagagasi anolaka. Uthi ngokuqagula kwabo, imvula kulindeleke ukuthi idambe ngezikhathi zantambama kodwa umoya onamandla wona ungase uqhubeke kuze kube kusasa.
Abashayeli bayanxuswa ukuthi behlise isivinini ngoba imigwaqo iyashelela futhi azibonakali nezikhinsi.