UMnyango weZasekhaya unxusa abantu bakuleli ukuthi basukumele ukubhalisela omazisi abangamakhadi, okuyibona asebezosebenza ngokugcwele, esikhundleni salaba abayibhuku.
Okhulumela lo Mnyango, u Siya Qoza, uthi banamahhovisi angomahambanendlwana angamakhulu amabili namashumi amabili nesikhombise, okuhloswe ngawo ukusiza ngokushesha abashintsha omazisi. Uthi sebekwazile ukuphungula umthamo wezicelo zomazisi abasha ngakho bayabanxusa abantu ukuthi bazisebenzise lezikhungo. Uma kungukuthi bahlangabezana nenkinga yokuthi ezinye azihlinzekiwe ngobuchwepheshe bokwenza amakhadi, uthi bazohlinzekwa ngemininingwane yezikhungo abangasizakala kuzona.
Ngesonto eledlule loMnyango uveze ukuthi usezinhlelweni zokuthi uqede ngomazisi abangamabhuku. Alukho kodwa usuku oluwunqamlajuqu oselubekiwe ukuthi bazogcina ngalo ukusetshenziswa.