KUKHUTHAZWA UKUFUNDELWA KWEZINGANE IZINCWADI

By Sithembiso Sibisi · Sep 9, 2024
KUKHUTHAZWA UKUFUNDELWA KWEZINGANE IZINCWADI picture

Ongoti kwezemfundo bathi njengoba namhlanje elakuleli ligubha usuku lokukwazi ukufunda, kubalulekile ukuthi abazali nalabo ababheka izingane, bakwenze kube wusiko ukuzifundela izincwadi. 

Imiphumela yocwaningo olusanda kwenziwa, luveza ukuthi amakhaya ayisithupha kwamahlanu, awanazo izincwadi ezinezithombe,ezilungele ukufundelwa izingane. Luveza nokuthi izingane ezibalelwa kumaphesenti angamashumi ayisithupha nanhlanu, azinazo izincwadi ezifanele, ezingazifunda. Loku kunomthelela ongemuhle enganeni njengoba kusanda kuvela ukuthi siphezulu kakhulu isibalo sezingane ezingakwazi ukufunda kuleli.

Ukufundela ingane izincwadi ingakasiqali nesikole, kuthiwa akugcini nje ngokuyisiza ukuthi ikwazi ukufunda kodwa kuyayisiza nasekutheni iqonde amagama ehlukene kanye nendlela abizwa ngayo. Loku kuthiwa akumele kuze kube yinto edla isikhathi, ukufunda ingxenye encane nje yencwadi ngosuku, kungenza umehluko omkhulu.

Ukugubha lolusuku olukhulu kangaka lokukukwazi ukufunda, sithanda ukuphikisana ngencwadi yezindaba ezimfishane ethi Izibazi Zomphefumulo. Ukuzitholela lencwadi, LIKE, FOLLOW and SHARE our page nabanye abantu bese uthokozela izindaba ezintsha nsukuzonke. Ozozizuzela lencwadi sizomumemezela ekupheleni kwenyanga.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp