Njengoba u Mfumfu kuyinyanga yokuxwayisa ngomdlavuza wamabele, abesifazane bakuleli bayanxuswa ukuthi bawuhlolelwe minyaka yonke ngoba uyingozi enkulu.
Abezempilo bathi kuyasiza ukuwuhlolela njalo ngoba umuntu uyakwazi ukusizakala uma usheshe watholakala ungakasabalali kakhulu. Nkuba bonke abesifazane bengaphathwa ilomdlavuza kodwa kunxuswa kakhulu abaneminyaka ephakathi kwengamashumi amane namashumi amahlanu ukuthi bakukhuthalele ukuhlolwa. Bngakwenza loku ngokuthi baye ezikhungweni ezifanele zezempilo, kanye ngonyaka. Bangakwazi nokuthi bazihlole ngokwabo ngokuthi bazbotoze amabele ukuzwa ukuthi alukho yini ushintsho abaluzwayo.
Kunesikhalo sokuthi abesifazane abahlala ezindaweni ezisemakhaya, abafundisekile kahle ngalesifo. Kunxuswa uhulumeni ukuthi ubasondezele ingqalalasizinda ezosiza ukuthi bahlinzekwe ngolwazi.