I National Stokvels Association, inxusa bonke abazohlukanisa imali yabo njengoba sekuphela unyaka, ukuthi loku bakwenze ngezindlela eziphephile.
Sekuphenduke insakavukela, umchilo wesidwaba, ukuthi abahlukanisa izitokofela baphenduke izisulu zezinswelaboya ngalesikhathi sonyaka. nokuyisona izitokofela eziningi ezihlukanisa ngaso. Ababa sengozini kakhulu,kuvamise ukuthi kube yilabo abahlukanisa imali emakhaya. Izigebengu zinokuvele zigasele kungazelelwe, ziyishaqe yonke imali, basale bencela izithupha.
U Sihlalo we NSA u Andrew Lukhele, uthi abantu kumele baqikelele ukuthi bahlakanisela ezindaweni eziphephile, kuqashelisiswe nokuthi imali ilandwa kanjani esikhungweni esuke igcinwe kusona. Uthi indlela ephephile, ukuthi imali ifakwe emabhange amalunga estokofela.