Umbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi osemnkantshubomvu, u Sindiso Sibiya, uthi amaciko kumele ayiqonde imboni akuyona ukuze angeke azithole esephenduka okhamisangithele uma sekufike izikhathi zobunzima.
U Sibiya ukusho loku ngemumva kokuba umlingisi ozakhele udumo emidlalweni kamabonakude, u Carlo Radebe, ephumele obala ngesimo esingesihle abhekene naso ngakwezezimali njengoba ethi kade agcina ukusebenza ngakho ucela umphakathi ukuthi umnikelele noma ngabe ingani ukuze impilo izoqhubeka. Akukona okokuqala lomlingisi ecela usizo ngoba nasekuqaleni konyaka wakhala esifanayo, kwakhona abamnikelelayo, abanye bamthembisa umsebenzi. Uthi iminikelo ayithola seyiphelile kanti nemisebenzi ayeyithenjisiwe ayiphumelelanga ngenxa yezizathu ezahlukene.
"Lemboni esikuyona ihamba ngezikhathi. Kukhona izikhathi zenala, kukhona nezesomiso. Yingakho ke kubalulekile ukuthi singamaciko, sizicije nakweminye imikhakha ukuze kuthi uma kufika izikhathi zesomiso,zisifice sivivile. Kunokuphenduka okhamisangithele, sicele ukunikelelwa, kumele sibheke ukuthi yini enye eseceleni esingayenza ngesikhathi sisalinde ukuthola umsebenzi esiwuthandayo. Alikho iphutha ekubambeni itoho esitolo sangakini kuze kube izinto ziyalunga futhi." - kuchaza uSibiya.
Uthi inkinga enkulu elimaza amaciko amaningi, ukuthatha udumo alufake ekhanda kodwa ebe engenalutho oluhambisana nalolodumo.