KULWISWANA NOBUGEBENGU EMNGCELENI WE KZN NE MOZAMBIQUE

By Sithembiso Sibisi · Sep 26, 2024
KULWISWANA NOBUGEBENGU EMNGCELENI WE KZN NE MOZAMBIQUE picture

UMnyango weZokuthutha kwaZulu Natal uthi kubonakala sengathi izogcina inqobekile impi yokulwisana nobugebengu obenzeka emngceleni ohlukanisa lesifundazwe nelase Mozambique. uhlelo olusha lokulwisana nalesihlava kuthiwa kulindeleke ukuthi luphothulwe ngonyaka ozayo.

UNgqongqoshe weZokuthutha kwaZulu Natal, u Siboniso Duma, uthi kusukela ngo 2018 sekuzanywe izindlela eziningi zokulwisana nokuntshontshwa kwempahla kuleli, ziweliselwe kwelase Mozambique, kusetshenziswa lomngcele. Ngonyaka odlule nje kuphela, zibalelwa emashumini amathathu izimoto ezintshontshwe kuleli zaweliselwa kuleliyazwe, kusetshenziswa lomngcele. Kukhona nezinye izigameko ezibikwayo zokuthunjwa kwabantu kuleli, bashushumbiswe ngawo lomngcele.

'' Sesizame izinto eziningi ukuzama ukunqoba lesihlava, okubalwa kuzona ukujuba amaphoyisa namasosha. Sesibone ukuthi isisombululo,ukwakha izivimba ezenziwe ngosimende. Izithelo zalezivimba seziqalile ukubonakala njengoba kusukela kuphothulwe isigaba sokuqala sokuzakha, sebehlile ubugebengu kulendawo."- kuchaza kafushane u Ngqongqoshe u Duma. 

Uthi njengamanje basebenzisana nenkontileka entsha ngemumva kokuba bebenezinkinga nalena okuyiyona eyaqala umsebenzi.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp