Amaphoyisa akwa Zulu Natal enze into osekunesikhathi kukhalwa ngayo, ngesikhathi egasela kungazelelwe e Phoyinti, eThekwini. Lendawo esiphenduke isidleke salolonke uhlobo lobugebengu, ingu 'alubhadwa' njengoba inkunzi ibanjwa emini futhi nezidakamizwa zidayiswa udede.
Ubonakala uzothela izithelo ezinhle lomkhankaso wamaphoyisa wokuhlanza lendawo,njengoba sekuboshwe inqwaba yabokufika abakuleli ngokungemthetho, kwatholwa imali ewumgunyathi kanye nezidakamizwa. Iningi lababoshiwe,litholwe emabhilidini aqhwagiwe, nokuyiwona asetshenziselwa ukugila imikhhuba yokungcola. U Khomishana wamaphoyisa, u Nhlanhla Mkwanazi, uzibambele ngokwakhe ekuholeni lomkhankaso futhi uzwakalise ukuthokoza ngendlela oqhubeka ngayo.
Pkakathi kwabakhalelwe amasongo kaSiginyela, kukhona nowesilisa okuthiwa ubesenesikhathi efunelwa icala lokudlwengula okuthiwa walenza elokishini lase Mlazi.