Iqembu lo Mkhonto Wesizwe, seliwancome kakhulu amagalelo namava ka Mzwanele Manyi, oseqokwe njengo Sotswebhu walo ePhalamende. Emasontweni amabili edlule, uManyi ulaxaze i Economic Freedom Fighters, wajoyina i MK.
Okhulumela i MK, u Nhlamulo Ndlela, uthi kusezinhlelweni zabo ezisemqoka ukuqinisa ubuholi beqembu. Uthi banethemba lokuthi ulwazi kanye namagalelo uManyi akukhombisile emisebenzini ayenzile phambilini, kuzomsiza kakhulu kulesikhundla sakhe esisha. Uthi uManyi ungumuntu othembekile futhi onolwazi olunzulu lwepolitiki, nokungezinye zezinto ezidingekayo kumuntu ongu Sotswebhu.
Abanye abagcotshwe izolo njengamalunga aleliqembu ePhalamende, owayeyisikhulu esiphezulu sakwa Eskom u Brian Molefe, owayephethe kwa Transnet u Siyabonga Gama, nowayeyinhloko yakwa Prasa uLucky Montana.