Inhlangano yabakhokhintela, i- eThekwini Ratepayers and Residents Association, isisincome kakhulu isinqumo sika Masipala we Theku, sokusula izikweletu zezindlu okungezabantu asebadlula emhlabeni.
UMeya waloMasipala, u Cyril Xaba, uveze ukuthi abazosizakala kuloluhlelo ilabo abasele nezikweletu zabangasekho ezingaphansi kwesigidi samarandi futhi kumele zibe neminyaka engaphezulu kwemibili. Izisebenzi zika Masipala seziqalile ukuhambela imiphakathi eyahlukene ngenhloso yokuxhumana nabantu abafisa ukusizakala kuloluhlelo.
Inhlangano yabakhokhintela Iithi ithokozile ngalesinqumo esithathwe uMasipala ngoba sizothula abantu abaningi umthwalo omkhulu. Ithi ungcono umuntu othi uma ethenga umuzi, akhokhe isikweletu esisha, okungesakhe, esikhundleni sokuthi akhokhe esashiywa umuntu ongasekho.