KUNOKUKHATHAZEKA NGAMAPHOYISA ATHINTEKA EBUGEBENGWINI

By Sithembiso Sibisi · Aug 19, 2024
KUNOKUKHATHAZEKA NGAMAPHOYISA ATHINTEKA EBUGEBENGWINI picture

U Khomishana wamaphoyisa kwa Zulu Natal, u Nhlanhla Mkhwanazi , uthi kuyakhathaza ukuthi kunamaphoyisa athinteka ezenzweni zobugebengu. Ukusho loku ngemumva kwesigameko esenzeke izolo, lapho abomthetho bedubule babulala khona uzakwabo obesebenzisana nezigebengu.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa ancinzwe indlebe ngezigilamkhuba ebezifake umfaniswano wamaphoyisa, ezigasele kwesinye isitolo esise Richmond Farm, zafike zakhomba umninisitolo nabasebenzi ngezibhamu, zabaqola imali, impahla kanye nezibhamu. Amaphoyisa afike sezihambile izigebengu kodwa akwazi ukulandela umkhondo wokuthi zingakuphi, nokuthe uma ezifica, zadubula zibhekise kuwona, nawo abuyisela ngenhlamvu, kwasala ezimbili enkundleni,ezinye zadla phansi.

Amaphoyisa aqhubekile nokulandela umkhondo,owaholele kwenye indlu ese Ntuzuma, nokuthiwa eyesigebengu esaziwayo futhi esesatshwayo. Obekulendlu udubulile ebhekise emaphoyiseni, abuyisela nawo, ishoba lalala amazolo kuyena. Athe uma embheka, athola ukuthi uzakwabo osebenzela esiteshini sakwa Mashu. Endlini kutholwe inqwaba yomfaniswano wamaphoyisa, okusolwa ukuthi leliphoyisa elishonile,ilona ebeliwukhiphela izigebengu.

U Mkhwanazi uthi kuyabaphazamisa loku ngoba kuqinisekisa ukuthi amanye amaphoyisa ayingxenye yobugebengu.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp