Abantu abaningi sebezwakalise ukuthokoza okukhulu ngokugudluzwa esikhundleni kweMeya yeTheku u Mxolisi Kaunda. Izindaba zokugxalwa kuka Kaunda zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngo Lwesithathu kanti umunwe ukhomba i Democratic Alliance ngokuthi iyona eholele ekutheni kufinyelelwe kulesinqumo.
UMholi we Action SA kwaZulu Natal u Zwakele Mncwango uthe akungabazisi ukuthi isinqumo sokugudluza uKaunda siqhamuke ne DA ngoba iyathanda ukuthi kube iyona ekhonyayo kulabo esuke isebenzisana nabo. UMncwango usho loku nje bekusanda kuvela izindaba zombimbi olungakaqinisekiswa ngokuphelele oluzoba phakathi kwe DA, i ANC kanye ne IFP lapha esifundazweni. Lolumbimbi lungeminye yemizamo yokuthi kube nokubusa ngokubambisana kwalamaqembu njengoba ekhale ngaphansi okhethweni lukazwelonke obelubanjwe mhla zingu 29 ku May.
" Ngasho ngathi umbimbi lwe DA, ANC ne IFP luyokwenzeka ngendlela efunwa i DA kuphela."-kusho uMncwango oke waba umholi wayo iDA lapha esifundazweni ngaphambi kokuba ajoyine i Action SA.