KUNXENXWA UXHASO LOKUNGCWABA UMCULI WASE THEKWINI

By Sithembiso Sibisi · Jul 30, 2024
KUNXENXWA UXHASO LOKUNGCWABA UMCULI WASE THEKWINI picture

Sekuqalwe umkhankaso wokuqoqa umnikelo wokungcwaba u Lizwi Wokuqala, ongumculi odabuka e Nanda , eThekwini. Lomculi obeseqalile ukuzakhela igama endimeni yomculo, ushone engozini enyantisayo eyenzeke e Free State, ehamba no Malume Vector no Director Damos, nabo abashone ujuqu kulengozi.

U Stanley Khoza, owaziwa kakhulu ngokusebenza namaciko ehlukene, ubhale kwenye yezinkundla zakhe zokuxhumana ukuthi banxusa noma ngabe iluphi uxhaso abangaluthola ukuze kufihleke lomculi ngesizotha. U Khoza uthi umndeni ka Lizwi Wokuqala awukho esimweni esihle ngakwezimali ukuthi ungabhekana nezindleko zomngcwabo. Uthi lomculi ubesafika embonini ngakho ubengakabi nemali yokuthi abhekane nezidingo zakhe. 

Umndeni unesifiso sokuthi afihlwe ngeSonto kodwa konke kulele ekutheni luzotholakala yini uxhaso. Abanesifiso sokuphonsa esivivaneni bangakwenza loku ngokufaka kwi akhawunti ka Mama ka Lizwi Wokuqala, u Bawelile Sishi yase Standard Bank, ethi 20 584 287 9. Ngeminye imininingwane bangathinta uKhoza ku 067 7488777 

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp