KUPHAKANYISWA UKUVIKELWA KWABADALA EMABHANGE

By Sithembiso Sibisi · Aug 9, 2024
KUPHAKANYISWA UKUVIKELWA KWABADALA EMABHANGE picture

Inhlangano ebhekele amalungelo abadala i Elders Voices, isiphakamise ukuthi kubenokwenziwayo ukuvikela abadala emabhange. Loku kulandela ukwanda kwezigameko lapho beqolwa khona imali yabo, nokuyinto eyenzeka kakhulu uma kuholwe impesheni.

Izigilamkhuba kuthiwa zisebenzisa izindlela ezahlukene ukuphazamisa abadala uma bekhipha imali emishinini yasemabhange. Evamile ilena yokuthi bamlinde umuntu omdala afake ikhadi lakhe emshinini bese bewisa imali eduze kwakhe,bamqhwebe bathi iwe kuyena. Ngesikhathi esabheke lemali ephansi, omunye wezigilamkhuba ube eseshintsha ikhadi noma akhiphe imali emshinini, ashaye achithe. Kuthiwa azinqeni nokubathumba abantu abadala, zibakhiphise yonke imali yabo ngaphambi kokuthi zibadedele.

U Jo-Anne Herbst we Elder's Voices, uthi abantu abadala sebephenduke izisulu zezigilamkhuba, yingakho nje kuzomele kubenokwenziwayo ukubavikela. Uthi kungasiza ukuthi kuthuthukiswe ezobuchwepheshe bomakhalekhukhwini ukuze bakwazi nabo ukuthi babusebenzise ngoba abaningi basasebenzisa indlela yokubhanga endala, yokuya emishinini yasemabhange.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp