Abe-Ezemvelo Wildlife sebezwakalise ukukhathazeka ngokuncipha kwamanqe, nokwenza lezinyoni zibe sengcupheni yokushabalala, Lenkinga kuthiwa ihlasele kakhulu ezingxenyeni ezise Nyakatho ne Kwa Zulu Natal.
OSosayensi bathi okuvelayo ukuthi lenkinga inokuhlobana nokufakelwa ushevu kwalezinyoni kanye nabelaphi bendabuko abazibulalela ukuthaka ngazo imithi. Loku kuthiwa akugcini nje ngokuba nomthelela ongemuhle endalweni kodwa kubeka nempilo yabantu engcupheni. Emazweni aseke abhekana nalenkinga yokuncipha kwalezinyoni kuthiwa kubonakale kuba nokwanda kwezifo ezahlukene.
Abantu bayanxuswa ukuthi baqinisekise ukunakekela nokuvikela imvelo, ikakhulu leyo esengcupheni yokushabalala.