Amaphoyisa aphansi phezulu athungatha abathintekayo esigamekweni sokubulawa kowesifazane ngasenxanxatheleni yezitolo i Pavallion, ngempelasonto.
U Madhu Bunwarie oneminyaka engamashumi ayisithupha nanye ubudala,ubehamba nomndeni wakhe belibangise ekhaya e Mgungundlovu ngesikhathi kubakhona ojikijela imoto yabo ngelahle lemoto. Owenze loku kuthiwa ubephezulu ebhulohweni elikulomgwaqo onguthelawayeka. Ilahle libhodloze iwindi lemoto, lashaya u Madhu ebusweni, washonela khona lapho.
Sekuyinto ejwayelekile ukuthi izigebengu ziphonse izinto ezimotweni ngenhloso yokuphazamisa abashayeli ukuze bezoma bese ziyabagebenga. Abashayeli bayanxuswa ukuthi baqaphele kakhulu.