Amaphoyisa akwa Zulu Natal aphansi phezulu athungatha izigebengu ezinesibindi esisabekayo,ezigebenge amanye amaphoyisa endaweni yase Mbumbulu ngoLwesihlanu.
Kubikwa ukuthi lamaphoyisa agetshengiwe abehlola isimo endaweni ngesikhathi ebona imoto esolisayo. Ayimisile lemoto ngenhloso yokuthola ukuthi kwenzekani ngayo. Abalisa abane ebebekulemoto kuthiwa balwisane namaphoyisa,bawahlula ngamandla base beshaya bechitha neveni yawo.
Ngosizo lwezinye izinhlaka zezokuphepha, baboniwe abasolwa ukuthi bangakuphi babe sebeyavinjezelwa. Oyedwa udubulwe amaphoyisa washona kanti abanye basagcwele amathafa.