Izikhulumi ezahlukene ebezithamele inkonzo yesikhumbuzo ka Bonga Ndaba obengumdidiyeli wezinhlelo zezemfundo ku Khozi FM,ebibanjelwe ezindlini zalomsakazo namhlanje, zimchaze njengomuntu obezithanda futhi obehlanzekile.
U Bonga usebenze isikhathi eside emsakazweni u Khozi futhi ubesebalwa nabanye abadidiyeli bezinhlelo asebemnkantshubomvu. Ngale kokudidiyela izinhlelo, ubephinde afundise kwesinye sezikole ezikhona kulesifundazwe, okuvele ukuthi ubesithanda kakhulu.U Mfu. Zulu entshumayelweni yakhe,uthe uBonga ubengagcini nje bgokuhlanzeka kodwa izimpahla bezimuma kahle.Umncome nangokuthi ubengeyena umuntu owande ngomlomo, imisebenzi yakhe ebimkhulumela.
Ngale kwabasebenzi bomsakazo nomndeni wakhe, inkonzo ibithanyelwe nangabaculi bowokholo ,Jumbo no Malusi Mbokazi, abaphinde badumisa ngomculo wabo.