Umbiko okhishwe abe Macro Economics Unit e University of KwaZulu Natal, ngokubambisana ne Durban Chammber of Commerce and Industry kuMasipala we Theku, uthi izinkomba ziveza ukuthi ukuzithemba kwabamabhizinisi kuloMasipala, kunyuke kusuka ku 17.7 kwafinyelela ku 55.49, nokuyinto eyagcina ukwenzeka ngo 2022 ukuthi kunyuke kuze kufike emaphuzwini angu 50.
Omunye obe nesandla ekuhlanganiseni lombiko, u Dkt. Ntokozo Nzimande,uthi uzinzo olubonakala kugezi kulezinsuku njengoba ungasanqamuki njalo, kunomthelela omkhulu kuloku. " Kuleminyaka emine edlule sibhekane nenkinga enkulu yokunqamuka kwamandla kagesi. Njengamanje o Somabhizinisi bakhombisa ukuba nethemba ebuholini obusha bukahulumeni, obusanda kuqokwa futhi banethemba kuhulumeni omusha wakwaZuu Natal,ikakhulu eThekwini."
U Dkt. Nzimande uthi amabhizinisi abalelwa kumaphesenti angu 76 abeyingxenye yokuhlanganiswa kwalombiko,awaskholwa ukuthi iTheku lingakwazi ukubhekana nengqinamba yokuhanjiswa kwezidingo kubantu. Uthi loku kuzodinga ukuthi kube nokungenelela kwezinye izinhlaka. Uthi noma ngabe iluphi uhlobo lokungenelela luyadingeka,inqobo nje uma luzothuthukisa indlela yokuhanjiswa kwezidingo kuloMasipala.