Abenhlangano ebhekele isimo sezulu, baxwayisa ngokuthi kungase kuhlasele isiphepho esinamandla ezindaweni ezisogwini oluse Ningizimu ne KwaZulu Natal.
Okhulumela lenhlangano, u Nhlanhla Sithole, uthi lesiphepho silindeleke ezindaweni eziphakathi kwe Theku ne Port Edward kanti sizobe sigijima ngesivinini esiphakathi kwamakhilomitha angamashumi ayisithupha nambili kuya kwangamashumi ayisikhombisa nambili ngehora. Lesi isivinini esikhulu futhi esinamandla okudala umonakalo omkhulu njengoba singaphusha amagagasi ibanga elingafinyelela kumamitha amahlanu.
" Lesimo singase siholele ekuphazamisekeni kwezinhlelo eziningi eziqhubeka ezindaweni ezigudle ulwandle.Kuzobanzima ukuhamba kanti nezikebhe ezincane zizoba senkingeni enkulu,engaholela ekutheni ezinye zicwile."- kuxwayisa uSithole.