KUXWAYISWA NGOKUPHAZAMISEKA KOHLELO LOKUHLINZEKA NGOKUDLA EZIKOLENI

By Sithembiso Sibisi · Aug 26, 2024
KUXWAYISWA NGOKUPHAZAMISEKA KOHLELO LOKUHLINZEKA NGOKUDLA EZIKOLENI picture

Abahlinzeka ngokudla ezikoleni zakwa Zulu Natal, sebexwayise ngokuthi lungase luphazamiseke loluhlelo uma kuya ngokuthi abakhokhelwa imali abakweletwa yona.

I National School Nutrition Programme Service Providers Association, okuyinhlangano kazwelonke yabahlinzeka ngokudla ezikoleni, ithi kukhona abangakhokheliwe kusuka ngo June. Ithi okubuhlungo ngokuphazamiseka kwaloluhlelo, kuzoshiya izingane eziningi ezithembele kulona ukuthola okuya ethunjini, zibhuqwa yindlala. Iyakuchitha nokuthi uMnyango we Zemfundo unokuxhumana nabo ukulungisa lenkinga.

Okhulumela uMnyango weZemfundo kwa Zulku Natal, uMuzi Mahlambi, uthi labo abangakakhokhelwa abakweletwa kona, yingoba kukhona izimfanelo abangazilethanga ngesikhathi eMnyangweni. Uthi abanye banezinkinga nezikole abasebenzisana nazo kodwa bona njengoMnyango bayazama ukungenelela ukuze kuzoqhanyukwa nezisombululo.

U Mahlambi uthembisa ukuthi bonke abangakakhokhelwa, bazokhokhelwa kungekudala.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp