Ikusasa lomqhudelwano webhola lezinyawo odlalwa osaziwayo bakuleli, libukeka lifiliza kulandela indlela abaziphathe ngayo izolo. Lomqhudelwano uba phakathi kwamaqembu akhiwe osaziwayo abacula izxinhlobo ezahlukrne zomculo,okubalwa abe Gospel,ebebeholwa u Dumi Mkokstad, abaMskandi, abeveholwa uKhuzani, abe Gqomu,ebebeholwa uDJ Tira, nabe Hip Hop ebeeholwa u Big Zulu.
Izolo umdlalo kuye kwaphoqa ukuthi ume isikhathi eside njengoba iqembu le Gospel ebelihluliwe, belingafuni ukuphuma enkundleni,linikeze amanye amaqembu ukuthi aqhubeke nomqhudelwano. Ebelikhala ngako leliqembu ukuthi ayilandelwanga imigomo yomqhudelwano ngoba iqembu le Gqom lifake umdlali wesifazane isikhathi esingaphansi kwalesi esibekiwe. Okunye ebelikhala ngako ukupikwa kwabantu abangesibona abaculi.
Kube nokushintshana ngamazwi angemnandi kubaholi bamaqembu, ikakhulu phakathi kuka Dumi Mkokstad no Big Zulu. Umqhudelwano ugcine uqhubekile ngemumva kokungenelela kwezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzona nethimba lakwa SABC, ebingabaxhasi. Abe Hip Hop ibona abagcine benqobile.Okulahlisa ithemba ukuthi ngemumva kokuziphatha ngalendleka abaziphathe ngayo,usazoqhubeka yini lomqhudelwano,nokuthi abaxhasi basazofuna yini ukuzibandakanya nawo.