Amaphoyisa athi asaqhubeka nokuthungatha abadubule babulala abantu abayisithupha, bashiya abanye belimele kanzima. Lesigameko esishaqisayo senzeke endaweni yase Zakheni, eMnambithi.
Izisulu kubikwa ukuthi bezihamba ngemoto eyiveni emgwaqweni u Helpmekaar ngesikhathi kuqhamuka enye imoto,abebekuyo abavele bavulela ngenhlamvu. Abashonile kulesigameko baneminyaka ephakathi kwemihlanu nengamashumi amathathu nesikhombisa. Abalimalile baphuthunyiswe esibhedlela kanti uyedwa ophume engenamyocu. Imbangela yalokuhlasela ayikaziwa.
Phambilini amaphoyisa azibophezele emkhankasweni wamahora angu 72 wokuthola abagile lomkhuba. Lomkhankaso usaqhubeka kanti kunxuswa noma ngabe ubani ongaba nolwazi olungaholela ekubanjweni kwezigilamkhuba ukuthi axhumane namaphoyisa enombolweni engu 08600 10111.