Amaphoyisa asekhiphe isixwayiso asibhekise kulabo abanomkhuba wokubika ukuthi abantu balahlekile, bengalahlekile. Lomkhuba wande kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, lapho kuvezwa khona isithombe somuntu okuthiwa ulahlekile kanti akunjalo.
Okhulumela amaphoyisa kwa Zulu Natal, u Robert Netshiunda, uthi loku kuyicala elibomvu futhi abathinteka kukona bangazithola sebebhekene ngqo nengalo yomthetho. Uthi ngaphambi kokuthi kusatshalaliswe izindaba zokuthi umuntu ulahlekile, kubalulekile ukuthi kuqalwe kuxhunywane namaphoyisa, ukuqinisekisa ukuthi ulahleke ngempela yini. Ukhala ngokuthi imibiko engelona iqiniso, iphazamisa izinhlelo zamaphoyisa zokufuna labo abasuke belahleke ngempela.
Abenhlangano ebizwa nge Missing Children SA, bathi abantu kumele baqaphele kakhulu uma bebona imibiko ngabantu abalahlekile ezinkundleni zokuxhumana ngoba izigilamkhuba ziyayisebenzisa ukubaqola. Bathi abantu abaxhumane nabo noma namaphoyisa kuqala,ngaphambi kokuthi basabalalise lemibiko. Bakhuthaza nokuthi kusheshe kusukunyelwe, kubikwe ukulahleka komuntu, kungalindwa ngoba asikho isikhathi esibekiwe sokuthi kungabikwa ngaso.