Ababhekele ezokuphepha olwandle sebekhiphe isixwayiso esibhekiswe kubona bonke abazozijabulisa ngokuyobhukuda ngalamaholidi, sokuthi bahambele kude nophuzo oludakayo.
Oyisikhulu esibhekele ezokuphepha olwandle, u Sihle Xaba, uthi kuyingozi enkulu ukuthi umuntu angene olwandle esephuzile ngakho bayabanxusa abantu ukuthi bangakwenzi ngoba babeka impilo yabo engozini. Uthi minyaka yonke babhekana nezimo ezinzima ezibangelwa ilomkhuba ngoba ulwandle notshwala akuhlangani. Ube esenxusa abantu ukuthi basheshe bahlabe umkhosi uma kukhona abambona ebhekana nobunzima ukuze ezosheshe asizakale.
Lesixwayiso siphuma nje seziqalile ukubikwa kwezigameko zokuminza kwabantu njengoba umfanyana oneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala,eshonile ngesikhathi ebhukuda. Kukhona nowesilisa onyamalale olwandle lwase Mhlanga,naye okusolwa ukuthi uminzile.