U Ngqongqoshe weZemfundo eyiSisekelo, u Siviwe Gwarube, uthi basezinhlelweni zokubuyekeza uhlelo lwezemfundo yakuleli.
Ekhuluma ngesikhathi kuvulwa i 40th Association for Educational Assessment in Africa Annual Conference, ebanjelwe e Cape Town, u Gwarube uthi ezinye zezinto ezizobuyekezwa kuzoba okufundwayo, indlela yokufunda nokufundisa, nendlela okwesekwa ngayo abafundisayo uma besemagumbini okufundela. Uthi uMnyango wakhe ufuna ukukhiqiza uhlobo lwabafundi olukwazi ukuxhumana ngale kwezihibe futhi olunolwazi ngezobuchwepheshe.
" Ingxenye enkulu yohlelo lwethu lwezemfundo, luhlinzeka ngolwazi ,luthinta kancane kwezamakhono, ezokuqhudelana, ezamagugu nesimo sengqondo kanye nokuthuthukiswa kwesimilo. Kungalesizathu ke sifuna ukuthuthukisa nokuqinisa uhlelo lwethu lwezemfundo ngoba sifuna ukukhiqiza umfundi ophelele kuzona zonke izinhlaka zempilo. Sifuna ukukhiqiza izakhamuzi ezikwazi ukuziphatha, ezikwazi ukuxazulula izinkinga futhi ezikwazi ukucabanga ngendlela yokuqala izinto ezintsha."- kuchaza u Gwarube.
Uthi bafuna nokuthuthukisa ulwazi lokufunda nolwezibalo kuzona zonke izigaba zokufunda ngoba elakuleli alikho lapho okumele ngabe likhona kuloku. Izingane eziningi zakuleli kusanda kuvela ukuthi azikwazi ukufunda nokubhala.