LISGCUPHENI YOKUVALWA IKHAYA LABADALA ELINEZINKINGA

By Sithembiso Sibisi · Aug 23, 2024
LISGCUPHENI YOKUVALWA IKHAYA LABADALA ELINEZINKINGA picture

Umdonsiswano ophakathi kweziphathimandla zekhaya labadala elizimele, i Kwa Mashu Christian Care Society, usubeke lesikhungo engcupheni yokuthi sivalwe.

Isimo sesishube ngendlela engachazeki njengoba sekuvalwe nama akhawunti asebhange, nokwenza kungasebenzeki nhlobo njengoba ingekho imali engenayo, nephumayo. Okunye okwenza isimo sibenzima kakhulu, ukuthi u Masipala we Theku usuwavalile amanzi ngoba lesikhungo siwukweleta imali elinganiselwa ezigidini ezimbili zamarandi.

Osukwini lwayizolo, uNgqongqoshe weZokuthuthujiswa koMphakathi, u Mbali Shinga, ugasele kulesikhungo kungazelele muntu ngoba efuna ukuzibonela ngokwakhe okuqhubekayo kusona. Ushaqekile ukuthi asinamanzi, nokuyinto engamukelekile neze. U Shinga unikeze lesikhungo izinsuku ezingamashumi amathathu ukuthi silungise izinkinga zaso, uma sihluleka ukwenza loku, sizovalwa.  

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp