U Meya kaMasipala weTheku, u Cyril Xaba no Ngqongqoshe weZokuhlaliswa kwabantu, u Sibongiseni Duma, bathi baphezu kwezinhlelo zokusiza imindeni ebalelwa emakhulwini amane namasumi amathathu, ekhahlamezwe umlilo endaweni yase Kenville,eThekwini.
Abantu abaningi basale dengwane, owesifazane obezithwele washa wangqongqa ngesikhathi kuhlasela lomlilo oshiye kukhalwa kulendawo ngempelasonto. Kunezinsolo zokuthi lomlilo ubangelwe ugesi oxhunywe ngokungemthetho kulendawo, nokuwenze wabhebhetheka ngamandla, kwangabalula ukuthi unqandeke ngokushesha.
Phakathi kwezinto ezithenjiswe u Xaba no Duma, ukuhlonza indawo okuzokwakhelwa kuyona abantu izindlu ezintsha, ukuhlinzeka ngempahla yokwakha lingakapheli isonto, nokusiza ezinhlelweni zokufihla lona wesifazane oshonile.
Kwenzeka konke loku nje, i Gift of the Givers isiqalile ihlinzeka abantu bakulendawo ngosizo njengoba ibahlinzeka ngezinto ezihlukene, okubalwa kuzona izingubo zokulala, ukudla nomatilasi.