I Meya ye Theku, u Cyril Xaba, ithi ukuncishiswa komkamo wamanzi okulindeleke ukuthi kuqale ngoLwesine mhla zingu 10 kwephezulu, kuwumyalelo ovela kuhulumeni kazwelonke,okuhloswe ngawo ukunciphisa isikali samanzi aphuma edamini uMngeni.
U Xaba uthi isidingo samanzi singaphezulu kakhulu kunaloko abakwazi ukukuhlinzeka,yingakho kufinyelelwe esinqumweni sokuthi kuncishiswe umkamo oya emphakathini. Ukuqinisekisa ukuthi loluhlelo luba yimpumelelo, kukhoina nezinto ezizofakwa emamitheni omuzi nomuzi,ezizoqinisekisa ukuthi abantu abasebenzisi amanzi evile esilinganisweni esibekiwe.
Phakathi kwezinto okuvela ukuthi zinomthelela kulenkinga yokushoda kwamanzi,kubalwa ukuthuthukiswa kwezindawo, ukuguga kwengqalasizinda kanye nabantu abazixhumela amanzi ngokungemthetho. Umphakathi usaloku unxuswe njalo ukuthi wonge amanzi ukuze kuzonqotshwa lesimo.