Amaphoyisa asedubule abulala abasolwa ngokuba abaduni bezimoto abathathu, esigcemeni sakwa T, e Mlazi. Labalisa kuthiwa baficwe ukufa beqeda nje ukuduna owesifazane imoto yakhe esgcemeni sakwa R kulona lelilokishi.
Okhulumela amaphoyisa u Robert Netshiunda uthi babizwe endaweni yesigameko nokuthe uma befika khona baphoqeleka ukuthi bajahe labalisa. Uthi kuthe uma labalisa sebefika esigcemeni sakwa T, bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona, nabo babuyisela ngayo inhlamvu ngenhloso yokuzivikela. Bobathathu labalisa bafele enkundleni.
U Netshiunda uthi kutholwe izibhamu ezintathu kubasolwa, ezisazohlolwa ukuthi abukho yini obunye ubugebengu ezithinteka kubona. Owesifazane obeduniwe akalimalanga kulesigameko futhi nemoto yakhe itholakele.