U Mnyango weze Mfundo kwa Zulu Natal, usuphakamise ukuthi o Thishanhloko babahlolisise abantu abadayisela izingane okudliwayo ezikoleni. Lesiphakamiso siza ngemumva kokwanda kwezigameko zezingane ezigulayo, ezinye zishone uma zithenge kokudliwayo kulabadayisi.
Esigamekweni sakamumva, izingane eziyisithupha zakwesinye isikole esise Mthwalume, ziphuthunyiswe esibhedlela ngemumva kokuba zidle okuthile ebezikuthenge kwesinye isitolo esiseduze nesikole. Eziyisithupha zithole ukulashwa zaseziyadedelwa kwathi eyodwa yalaliswa ukuze ithole ukubhekisiswa ngoba ikhulelwe.
U Mnyango usukhiphe umhlahlamdlela okumele ulandelwe, ukuqinisekisa ukuthi abadayisa ezikoleni, badayisa ukudla okusezingeni elamukelekile futhi okukhiqizwa izinkampani ezithenjwayo.