Kunencwadi esisabalele ezinkundleni zokuxhumana esayindwe ukuthi ibhalwe u Melisizwe Mandela, oyisizukulwane saalowo owayenguMongameli wokuqala wentando yeningi kuleli, u Dkt. Nelson Mandela. Lencwadi evulelekile ibhekiswe kubantu bakuleli.
Phakathi kwezinto eziqukethwe ilencwadi,ukunxusa abantu ukuthi basukume kubekhona abakwenzayo ukuze u Mongameli u Cyril Ramaphosa ezobalalela. Ikhuthaza abantu bakuleli ukuthi ngo Lwesithathu mhla zingu 19 kwephezulu nokuwusuku olubekelwe ukugcoba uMongameli uRamaphosa, banikele emigwaqweni nangaphandle kwezindlu zombuso, bazwakalise ukungathokozi kwabo ngohulumeni wokubusa ngokubambisana ohlelwayo futhi obandakanya i Democratic Alliance ne Freedom Front Plus.
Nansi incwadi ngezansi, zifundele ngokwakho konke ekuqukethe.