Abahleli bama Simon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards sebekhiphe isitatimende esiveza ukuthi sebelikhiphile ohlwini lwabazoklonyeliswa igama lika Mpho Sebeng ongasekho. Ukuvela kwegama lika Sebeng kulama Awards besekuqubule ukudideka njengoba engasiyena owaKwaZulu Natal kanti lama Awards ahlonipha abakulesifundazwe kuphela.
Esitatimendeni,abahleli bathi lixhoshwe libhekile,bayalibona iphutha labo futhi sebelikhiphile igama likaSebeng kuyona yonke imikhakha emine abeqokwe kuyona. Bathi loku angeke kuphazamise ngoba umehluko ozobakhona nje owokuthi sekuzoba namagama abantu abathathu kuphela kulemikhakha obekukhona kuyona uSebeng.
Ama Awards azobanjelwa eThekwini mhla zingu 20 ku July.