I ANC isihlonze usuku lwangomhlaka 17 kuJuly njengokuzoqondiswa ngalo uMnu. Jacob Zuma izigwegwe. UZuma osenguMongameli we MK Party wamiswa ku ANC kulandela ukuphumela kwakhe obala athi angeke aze ayivotele i ANC eholwa u Cyril Ramaphosa, kunaloko uzovotela i MK Party okhethweni lukazwelonke olwalubanjwe mhla zingu 29 ku May.
Usuku lokuqondiswa kwakhe izigwegwe olwalubekiwe phambilini, kwadingeka ukuthi luhlehliswe ngenxa yokubhekela izimo zokuphepha njengoba kukhona ababesabisa ngokumasha,bephikisana nako.
Kwenzeka konke loku nje, uZuma usamile ekutheni uyilunga le ANC futhi uyohlala eyilona. I ANC imbeke amacala amabili okungaziphathi kahle kanti uma kwenzeka igcina ngokumxosha,uyongena emlandweni wokuba uMongameli wokuqala waleliqembu ukuxoshwa.