SESIPHINDE SANYUKA ISIBALO SABANGASEBENZI KULELI

By Sithembiso Sibisi · Aug 13, 2024
SESIPHINDE SANYUKA ISIBALO SABANGASEBENZI KULELI picture

Imiphumela yocwaningo olwenziwa ngazozonke izigamu zonyaka, iveza ukuthi sinyuke ngamaphesenti angu 0.06 , safinyelela kumaphesenti angu 33.5, isibalo sabantu abangasebenzi kuleli. Loku kusho ukuthi bangu 158 000 abantu abangasebenzi kanti abangu 147 000 sebephelelwe yithemba  lokuthi bayoke basebenze.

Lezibalo ezingehli kahle kwabaningi, zikhishwe oyisikhulu esiphezulu kwezokubalwa kwabantu, u Risenga Maluleka,namhlanje ekuseni. Ziveza ukuthi abesifazane abaMnyama yibona abathinteke kakhulu kuloku njengoba isibalo sabo abangasebenzi sinyukele kumaphesenti angu 39.9.

Lenkinga ibonakala ikhungethe izwe lonke kodwa i Kwa Zulu Natal ibalwa nezinye izifundazwe ezithinteke kakhulu yilenkinga, okuyi Western Cape ne Mpumalanga. 

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp