Sezibuyele kwesijwayelekile izinhlelo zokuthutha umphakathi ezindaweni ezisogwini oluse Ningizimu ne Kwa Zulu Natal. Loku kulandela ukuthi abaphathi balemboni bemise yonke into kulezinsuku ezimbili ezedlule, bekhala ngezinto ezahlukene, okubalwa kuzona ukuthathwa kwamatekisi abo angamashumi amathathu, ayiswe ephawundini.
Kusize ukungenelela kuka Ngqongqoshe weZokuthutha esifundazweni, u Siboniso Duma, obambe umhlangano ophuthumayo noSoseshini wamatekisi wakulendawo kanye nenhlangano eyengamele ezokuthutha i SANTACO. Kulomhlangano kudingidwe izinkinga, kwaqhanyukwa nezisombululo kwase kuvunyelwana ngokuthi umsebenzi uqhubeke ukuze kusizakale umphakathi.
Okhulumela uMnyango weZokuthutha esisundazweni, uNdabezinhle Sibiya,uziqinisekisile izindaba zokubuyela esimweni sezokuthutha kwesijwayelekile,wancoma ukungenelela kuka Ngqongqoshe u Duma.